Inhloso yalomgomo ukubeka imihlahlandlela ezokuqinisekisa ukuthi labo basebenzii abafanelwe ukuthola isibonelelo sokuhlala belindile ngomsebenzi bayasithola.
Kuqondiswa ngokomsebenzi othize owenziwayo, hayi ngokwesikhundla kumbe ubukhulu.
Inhloso yalomgomo ukubhekela izindleko abasebenzi ababhekana nazo lapho benegekho seduze nezindawo zabo zokusebenza ezejwayelekile.
Isinxephezelo esenele siyakhishwa umnyango lapho abasebenzi besohambeni oluqondene nomsebenzi futhi okuzozuza umnyango ngazo.
Kuyilokhu kucacile ukuthi lezizibonelelo ziyefana kubasebenzi kuwona onke amazinga eMnyangweni.
Inhloso yalomgomo ke ukweza isiqiniseko sokuthi ikhefu linikezwa labobasenzi kuphela abasezimweni ezibavunayo ukuba balithathe futhi okuvuna ukuthi bangabi khona emsebenzini.
Kwenziwe izihlinzeko zezikhathi zokuhlolwa, zokuya kofunda emakilasini, zokuthutha la umuntu ehlala khona, zocwaningo nezemidlalo, uma umuntu eyisithunya sabasebenzi enyuyaneni, uma umuntu eyo kobamba iqhaza kumikhandlu kamasipala, nokunye.
Inhloso yalomgomo ukubekela uMnyango ngezibopho zawo uma ususa umsebenzi kwenye ndawo umbeka kwenye.
Umnyango uzobhekana nezindleko zokuthutha, noma ngabe ukuliphi izinga nesikhundla.
Inhloso yalomgomo ukuba yakhe umhlahlandlela wokunxephezela umsebenzi othuthiwe ukuze kuzuze uMnyango, nalabo basebenzi asebenqanyuliwe emsebenzini, kumbe labo asebedlulile emhlabeni.
Kuyagcizelelwa ke lapha ukuthi aabsebenza imisebenzi ethile kuphela abazokusebenzisa lezizingubo.
Kubekwa kucace ke ukuthi wonke umsebenzi uzosizakala ngokufanelekile noma engowaluphi uhlanga noma engowabuphi ubulili.
Inhloso yalomgomo ukubeka imihlahlandlela nezihlinzeko ezimalungana nokuyekiswa komuntu umsebenzi eMnyangweni.
Inhloso yalomgomo ukuba kuvuleke uhlelo oluzoba nobulungiswa lungafihli lutho kuwo wonke umsebenzi wasemnyangweni.
Kanjalo nayoyonke inhlobo yezenzo zokubandlulula ezike zenziwa phambilini, kufanele ukuba ziqedwe.
Kugxilwe kakhulukazi emesebnzini othile okufanele ukuba wenziwe ezingeni oluthize lohlelo lwasemsebenzini.
Inkokhelo izohambisana neholo lomsebenzi, imali ayikhokhelwa ngehora.
Inkokhelo ye-ova ke ilawulwa ukuba khona kwemithombo yemali.
Inkokhelo ye-ova akufanele yeve kumapohesenti angu 30% eholo lomuntu.
Lenqubo-mgomo ibukisisa lokho okufanele kwenziwe umuntu ngokomsebenzi, bese kubhekwa nesikhundla sakhe ke.
Bonke abasebenzi balindeleke ukuthi babhale izivumelwano zabo eziphathelene nokulawulwa kokusebenza kwabo kanye namasu azosetshenziswa lapho kuhlolwa ukusebenza kwabo.
Lomgomo uhlinzeka uhlaka olulawula umsebenzi nezinga lawo ngendlela enobambiswano, ubeke futhi nokuthi umuntu nomuntu kulindeleke ukuthi makenzeni ngokomsebenzi.
Ukuphetha ke, umgomo olawula izinga lokusebenza, lizokuqinisekisa ukuthi amakhono abantu asebenziseke ngokugcwele kanye neminye imothombo enomthelela emiphumeleni emihle emsebenzini, lokho kuyimizamo yokugqugquzela uhlelo loguquko kumMnyango wezaManzi nezamaHlathi.
Lomgomo uqonde ukuqinisekisa ukuthi izimenenja ziyahambisana nohlelo lwezinguquko emsebenzini kanti ubhekela nokuthi izigwegwe ziyaqondiswa lapho kukhona ukuphambana nezimiso zomgomo.
Ubuye uhlinzekele nohlelo lokuphenya lapho kube khona ukuphambana nokubekwe umgomo.
Ugqugquzela ukhuthaze ukwenza okusobala nokungenamfihlo, nokuba abasebenzi babambe iqhazaukuze kuqiniswe ubudlelwano bokuthembana, ukubambisana nokubethemba abaphathi, ubudlelwano obuhle phakathi kwabasebenzi nezinhalngano zabasebenzi ezizokube ziyilokhu ziyigxeye yaloluhlelo.
Ukuqedwa kwezenzo ezinobandlululo oluhambisan nokucwasa ngebala, ngobulili, nangokunye...
Abasebenzi abanesicelo sokuhlolelwa umsebenzi wabo kufanele ukuba baziswe ngokuthi kungenzeka ukuba nengoba kuhlolwa umsebenzi wabo nje kuyenzeka ukuba lokho kube nomphumela wokuphuculwa kwesimo, kanti kunokwenzeka ukuba futhi kwehliswe isigaba sabo aabsebenza ngaphansi kwaso.
Lapho kufanele ukuba kwehliswe isikhundla somsebenzi, kuye kufanele ukuba kwenziwe imizamo yokukuvimbela lokho ngkuthi kwnziwe izinguquko ezithile ngalowo msebenzi.
Izinqubo okuqashwa ngazo kufanele ziqinisekise ubulungiswa, ukungabandlululi, kanye nokufinyelela ekokuphokophellwe kukho, kanjalo nasekubeni nomkhakha osebenzela umphakathi owumelele ngokufanelekile.
Zonke izikhala kufanele zivulekele bonke abafaki zicelo, noma bengolwaluphi uhlanga, nobulili, nenkolo, nobuzwe, nenkolelo yezepolitiki, namasiko, nobudala, nolimi, nokukhubazeka, nesimo sokugana, nezinye izimo ezehlukahlukene.
Izikhangiso kufanele zikuveze kucace ukuthi Umkhakha oSebenzela uMphakathi uzinikele kwimigomo yokungakhethi phela emasini, ukulingana kwabasebenzi, nanokuthi ziyakhuthazwa izicelo eziqhamuka kwimikhakha ethize yomphakathi ebigabhekelwe esikhathini esingaphambilini.
Amaphuzu asetshenziswayo lapho kukhethwa abasebenzi kufanele abe nobulungiswa futhi aphathelane nezidingo zalowonsebenzi futhi asetshenziswe ngokufanayo sonke isikhathi.
Ikomodi lokuqoka abasebenzi lizokumbadakanya wonke umuntu kanye nalabo bezinhlanga namaqembu omphakathi abengabhekelekile, kanti ngenkathi sebebizelwe ukuhlungwa abfake izicelo zomsebenzi, abangesatshiswa futhi abaphathwa ngendlela ephucuzekile nesezingeni.
Uma umuntu kukhona akufundele, kumbe iziqu anazo, kumbe ulwazi lwakhe lwezilimi, kumbe efunde kwaze kwangaphezulu kwezidingo zalowomsebenzi, kumbe esesebenze isikhathi eside, konke lokhu okungaxhumi ndawo kulomsebenzi, konke lokhu akungabi izizathu zokukhethwa komuntu wohlanga obeluvele lubhekekile phambilini bese kuthi ngenxa yalokho bese kulimala amathuba omuntu ongowezingxenye zomphakathi ebezikade zikhishwa inyumbazana.
